October 30, 2025
billbook_0

IKhomishana Yokulingana Ngobulili (CGE) ikwamukele ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wobugebengu (Amacala Ocansi Nezindaba Ezihlobene) wezi-2022, ohlose ukuvala umsebenzi wocansi.

Ikhomishana ithe lo Mthethosivivinywa, owavunywa yiKhabhinethi ngoLwezi ukuze umphakathi uphawule ngawo, uphawula inqubekelaphambili ebonakalayo ekususweni kobugebengu bokuthengisa ngocansi eNingizimu Afrika.

UNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, u-Ronald Lamola, umemezele ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-9 kuZibandlela, ukuthi uMthethosivivinywa Wokuchibiyela usushicilelwe futhi manje usuvuleleke ukuba umphakathi uphawule ngawo.

Iphendula ekushicilelweni kwesichibiyelo soMthethosivivinywa, i-CGE ithe ibilokhu imile kwelokuthi ukwenziwa kube yicala ukudayisa ngomzimba kuphambene namalungelo abantu abadayisa ngomzimba eNingizimu Afrika.

Advertisements

“Kuyisinqumo sethu ukuthi ukuthengisa ngocansi kumele kusingathwe ngakho ngokungenelela kwezomnotho nezenhlalo, hhayi umthetho wobugebengu. Ukuqhubeka kokwenziwa kube yicala umsebenzi wokudayisa ngocansi kubeka abahwebi ezingozini ezahlukene kanye nokuhlukunyezwa okuvela emphakathini nakumalungu ombutho wamaphoyisa. Lokhu, naphezu kwesigaba sesi-2 soMthethosisekelo sifuna ukuhlonishwa nokuvikelwa kwabantu, kungakhathalekile ukuthi bakhetha luphi uhlobo lobulili, ubulili kanye nobuhlanga, njll.

“Abathengisa ngomzimba babike ukuhlukumeza okunhlobonhlobo okwenziwa amaphoyisa, okuhlanganisa ukudlwengulwa, ukuthunjwa kanye nokuncishwa ilungelo lokuthola usizo lwezempilo,” kusho isitatimende seKhomishana.

IKhomishana igcizelele ukuthi noma yikuphi ukulawulwa komsebenzi wokuthengisa ngomzimba nabathengisa ngomzimba eNingizimu Afrika kufanele kulandele indlela yamalungelo abantu ezoletha inkululeko nelungelo lokuzikhethela umsebenzi; inkululeko yabathengisa ngomzimba ukuthi bakhe izinyunyana futhi benze abathengisa ngomzimba bakwazi ukubekela inselele imikhuba yabasebenzi engalungile; ukukhululeka ekubandlululweni; ilungelo lezinga eliphezulu lezempilo elifinyelelekayo; inkululeko kanye nokuvikeleka komuntu, okuhlanganisa namalungelo okukhululeka ekuboshweni nokuboshwa ngokungafanele; ilungelo lokukhululeka ebudloveni, kanye nelungelo lobuqotho bomzimba nangokwengqondo.

“Njengoba siluthokozela lolu hlelo lukaNgqongqoshe uLamola, kubalulekile ukuthi izakhamizi ziphawule ngokulandela imiyalelo yoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika,” kusho iKhomishana. – SAnews.gov.za

 

Advertisements

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *